[{{mminutes}}:{{sseconds}}] X
Пользователь приглашает вас присоединиться к открытой игре игре с друзьями .
Лингва: зулусский – 1000
(0)       Используют 4 человека

Комментарии

Ни одного комментария.
Написать тут
Описание:
Тексты длиной 1000-1100.
Автор:
Велимира
Создан:
9 октября 2020 в 16:03 (текущая версия от 9 октября 2020 в 16:56)
Публичный:
Да
Тип словаря:
Тексты
Цельные тексты, разделяемые пустой строкой (единственный текст на словарь также допускается).
Информация:
Словарь для себя. База будет пополняться в зависимости от частоты моей игры. Играю каждый раз новый для себя текст, поэтому на момент моего набора онлайн в базе есть лишь один текст. Предпочитаю новизну, посему и перешла на такой подход.
Содержание:
1 Sathatha isinqumo sokuthi kumele isivumelwano esikhona sokuthi abakwaTongaat Hullet bawulime lo mhlaba batshale umoba, siqhubeke kodwa ngesikhathi siqhubeka kumele sifunde kubona ukuthi kwenziwa njani. "Ukufunda kwethu kumele kusukele ezingeni lokuphatha kuze kuyoshaya kwelomsebenzi ojwayelekile kungathi uma ipulazi selisezandleni zethu lingabe lisakhiqiza", kusho uNksz Cebekhulu. Le ntokazi ithi yangena ohlelweni lwabazofunda ngokuphatha ipulazi okuhambisana nokufunda ngomoba kube ngezokuphathwa kwebhizinisi lawo. "Akuyona into elula ukufunda ngalo mkhakha kunezinto eziningi kanti namamaki abekiwe okumele uwathole ukuze udlulele esigabeni esilandelayo aphezulu kodwa ngikwazile ukufunda konke ngaphansi kwenhlangano, iSouth African Sugar Assossiation. Uma ungowesifazane kumele ufake umfutho othe xaxa kulokho okwenzayo ngoba usuke ubhekiwe ukuthi uzowenza nini amaphutha ngenxa yobulili bakho. Ukufunda kwenza kube lula uma ubeka umbono kube khona ozoweseka ngakho kubonakale ukuthi okukhulumayo uyakwazi, akukhona ukuthi uyakhuluma nje emoyeni".
2 Uqale athathe ama-oda abantu emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana. Ube esefaka iminingwane yokudla akupheke ngalolo suku ukuze abantu abafuna ukuthenga babe nolwazi lokuthi yiluphi uhlobo lwesidlo olukhona. "Ngaphandle kokutholakala ezinkundleni zokuxhumana uma abantu bedinga ngibadayisele, ngivamise ukuqashwa emcimbini eyehlukene ngiyophekela imindeni esuke ihlela isidlo sasemini noma santambama", kusho uNksz Mseleku. Isizathu sakhe sokuphekela imindeni yingoba ufuna ukufeza iphupho lakhe lokuhlanganisa imindeni ngesidlo esimnandi. Uyazibambela uma ephekela amakhasimende, usebenzisana nabantu abathathu abamqobelayo. Phakathi kwezindawo ezinamakhasimende ahlale emdinga ubale oGwini oluseningizimu neRichards Bay. Uzimisele kakhulu ngokusabalala kuwo wonke amadolobha KwaZulu-Natal. Ikhono lokupheka walincela kuninakhulu owayethi uma epheke amazambane kube sengathi udidiyele nenyama. "Ugogo wayevele asimangaze uma epheka. Enze isidlo esijwayelekile kube sengathi yinto esasingayijwayele.
3 Yena uzolingisa kwifilimu ethi Merry Liddle Christmas. UNatasha uzolingisa indawo kaLydia ozobonakala ethutha endaweni abehlala kuyona eseya kwenye, ngemva kokuhlukana nesithandwa sakhe seminyaka. Ufika endaweni entsha azizwe engaphephile njengoba umnikazi wendawo ehlala emnaka futhi ekhombisa ukuthi umthanda kakhulu. U-Ayanda MVP uzobonakala elingisa indawo kaLisa, ovula ikhasi elisha ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokuthi akafuni unina nabangani bakhe bazi ngalo njengoba esefuna ukuzitholela umaqondana. Ngokwenza kwakhe kanjalo uzolithola isoka alithandayo kodwa ngemva kwalokho izinto kazihambi kahle empilweni kaLisa. ULynn uthe abantu bazobona amafilimu ezobajabulisa ngesikhathi samaholidi. "Yithuba elingandele bani leli engilitholile njengoba ngizobe ngisebenza nosaziwayo okukhona kubo uKelly Rowland olingisa indawo kaJacquie. Kulo mdlalo ungowesifazane ongusomabhizinisi ongathandani namuntu kodwa nomndeni wakhe awuhlangene owenza konke okusemandleni ukuwuhlanganisa njengoba kusondela isikhathi samaholidi kaKhisimusi", kuchaza yena.
4 "Eminyakeni emibili edlule ngabona umncintiswano waMashovashova, ngawuthanda. Ngatshela umqeqeshi wami ukuthi ngingathanda ukuziqeqeshela wona ukuze umzimba wami ulolongeke kahle. Wangiyisa esikhungweni lapho okuqeqeshelwa ukushova amabhayisikili, ngafike ngathanda yize nganinovalo ngenxa yeminyaka yami", kuchaza uNksz Dlungwane. UNksz Makhanya uthe wangena kulo mdlalo ngoba efuna ukusiza ingane yakhe eshova amabhayisikili KwaMashu. "Ingane yami isohlelweni lokushova amabhayisikili olwenziwa epaki iGo Durban Bic Park (eMakhehleni). Singomama, sabuza ukuthi singazeseka kanjani izingane zethu. Umqeqeshi wazo wathi angasifundisa nathi. Safunda kanjalo kodwa ngesikhathi sifunda sasingazi ukuthi kanti amabhayisikili ayabiza. Abanye omama bagcina beyekile ngenxa yokuthi ayabiza", kusho uNksz Makhanya. Uthe ukuzilolonga kumsiza ngokuthi akwazi ukulawula izifo ezingamahlala khona. "Ibhayisikili liyefana nemoto lishintshwa amagiya okuyinto eyaqale yangixaka ngoba ngangizitshela ukuthi uyashova nje kuphela.
5 UNksz Nontobeko Msomi uthi akazisoli ngokungena emkhakheni oneqhaza elikhulu ekuthuthukiseni amaciko. UNksz Msomi owenza izifundo zeFine Arts eDurban University of Technology, uyimenenja eyengamele imisebenzi yesikhungo esibhekelela ukuthuthukiswa kwabadwebi, i-ArtbankSA engaphansi kweMuseum yaseBleomfontein. Uthe lo mkhakha udinga umuntu onothando olujulile kwezobuciko ngoba ukuchuma kuwona, kudinga intshisekelo. UNksz Msomi osemnkantshubomvu kulo mkhakha uthe inhloso yakhe ngukwenza ushintsho empilweni yamaciko angabadwebi ngoba uyabazi ubunzima bokuba kule ndima futhi kuningi akubone ngesikhathi esafika, emuva kokuqeda izifundo zakhe. "Kuningi engifisa ukukulungisa emkhakheni wezamaciko okungangamandla ami nengibona kungalekelela ozakwethu esinabo kulo mkhakha ongelula neze, njengoba waziwa ngokuthandwa ikakhulukazi ngabamhlophe. Ukwentuleka kolwazi ezikoleni zabantu abamnyama nakho kuyangikhathaza ngoba baningi abantu abasha abanekhono eliyisimanga lokudweba", kubeka le menenja. Echaza ngomsebenzi awenzayo e-ArtsbankSA.

Связаться
Выделить
Выделите фрагменты страницы, относящиеся к вашему сообщению
Скрыть сведения
Скрыть всю личную информацию
Отмена